Izinto okufanele uzazi
I-Firefox OS ixhuma kithi nabanye ukuze inikezele ngezici zomkhiqizo.
- Izibuyekezo: Ukuze izigcine isesikhathi samanje, i-Firefox OS ixhuma ngokuzenzakalelayo kusevisi esetshenziswa noma engxenyeni nomkhiqizi wedivayisi yakho. I-Firefox OS futhi ithumela ngokuzenzakalelayo ukuhlola kwezibuyekezo ukufaka izinhlelo ngokuthumela isicelo ku-Firefox Marketplace noma, uma ufake uhlelo kusuka kwenye indawo, lawo masevisi kanjiniyela wohlelo.
- Indawo: Uma uvula amasevisi wendawo, i-Firefox OS ingasebenzisa amaphoyinti wedatha amaningi nokungenayo ukucabangela indawo yakho, kufaka phakathi i-GPS, AGPS nabanye abanikezeli besevisi yendawo. Ungakhubaza amasevisi wendawo kuhlelo le-"Izilungiselelo" ze-Firefox OS kudivayisi yakho. Funda kabanzi mayelana nemigomo yomhlinzeki wesevisi we-AGPS.
- Ukusebenzisa kokuqala: Ukuze unikezele ngezibuyekezo eziqondile nezinhlelo, i-Firefox OS ithumela i-Mozilla idatha yesikhathi esisodwa uma iqaliswa kokuqala. Funda kabanzi
- Ukusetshenziswa kohlelo: Ukuze uthuthukise ukutholakala kokuqukethwe ku-Firefox Marketplace, i-Firefox OS ithumela "Ulwazi Lokusebenza Kohlelo" (isb., isikhathi sokusebenza esisebenzayo, ukubalwa kokuvula/ukuvala/ukusaphazeka, uhlu lwezinhlelo ezifakiwe kumadivayisi we-Firefox OS) ku-Mozilla. Ungakhubaza ukwabelana Kolwazi Lokusebenza Lohlelo kuhlelo “amasethingi” we-Firefox OS kudivayisi yakho. Funda kabanzi
- Ulwazi Oluhlinzekwa Inini Yosesho: Ukuze uthuthukise useho kumadivayisi we-Firefox OS, i-Firefox OS ithumela ulwazi ku-Mozilla mayelana nokuthi iyiphi injni yokusesha enikezele ngemiphumela kudivayisi. Ungakhubaza ukwabelana kolwazi lomphumela wosesho yenjini yokusesha kuhlelo “amasethingi” we-Firefox OS kudivayisi yakho. Funda kabanzi
Idivayisi oyisebenzisayo, njengamadivayisi amaningi weselula, idalwa izinhlangano ezimbalwa. Lesi saziso siphatha kuphela ukuthi i-Mozilla iluphatha kanjani ulwaz laho ngezinguqulo ezisemthethweni ze-Firefox OS ezigunyazwe i-Mozilla.
- Uma usebenzisa izihlelo ezenziwe ngomunye hhayi i-Mozilla, izinqubomgomo zabo zobumfihlo zizosebenza.
- I-Firefox OS ikuvumela ukuthi usebenzise amasevisi aqinisiwe ambalwa wezinkampani zangaphandle, njengomhlinzeki wakho nge-imeyili noma zomphakathi. Inqubomgomo yobumfihlo yalawo masevisi izosebenza uma uwasebenzisa.